Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

AMAGUGU ASEZWINI LIKANKULUNKULU | ROMA 12-14

Indlela Esingabonisa Ngayo Uthando LobuKristu

Indlela Esingabonisa Ngayo Uthando LobuKristu

12:10, 17-21

Lapho othile esiphathe kabi, uthando lobuKristu alugcini nje ngokusivimbela ukuba singaziphindiseleli kodwa lusenza sibonise lowo muntu umusa. “Uma isitha sakho silambile, siphe ukudla; uma somile, sinike okokuphuza; ngoba ngokwenza lokhu uyonqwabelanisa amalahle avuthayo phezu kwekhanda laso.” (Ro 12:20) Ukuba nomusa kumuntu osiphathe kabi kungase kwenze nokuba lowo muntu azisole ngalokho akwenzile.

Wazizwa kanjani lapho umuntu omphathe kabi ungaqondile ekuphatha ngendlela enomusa?