Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

UKUPHILA NJENGAMAKRISTU

Ukuthuthukisa Amakhono Ethu Enkonzweni​—Zibhale Kahle Izincwadi

Ukuthuthukisa Amakhono Ethu Enkonzweni​—Zibhale Kahle Izincwadi

KUNGANI KUBALULEKILE: Incwadi yokuqala yabaseKorinte ingenye yezincwadi ezingu-14 ezabhalwa umphostoli uPawulu, ayezibhalele ukukhuthaza amaKristu ayekanye nawo. Lapho umuntu ebhala incwadi, uba nesikhathi sokuwakhetha kahle amagama azowasebenzisa, futhi lowo obhalelwayo angakwazi ukuyifunda ngokuphindaphindiwe. Ukubhala izincwadi kuyindlela enhle yokushumayeza izihlobo nalabo esibajwayele. Kuyindlela ephumelelayo yokushumayeza nalabo esingeke sikwazi ukuxoxa nabo ubuso nobuso. Ngokwesibonelo, kungenzeka kube nothile obonakale ekuthanda esixoxa ngakho kodwa asisamtholi ekhaya. Abanye ensimini yethu kungase kube nzima ukubathola ngenxa yokuthi bahlala ezindaweni okungangeneki kalula kuzo, ezindaweni okungenwa kuzo ngemvume noma ezindaweni eziqhelile. Iziphi ezinye zezinto okufanele sizikhumbule, ikakhulu lapho sibhalela umuntu esingamazi?

INDLELA YOKUKWENZA:

  • Bhala lokhu obuzokusho uma ubukhuluma naye ubuso nobuso. Ungaqala ngokuzisho ukuthi ungubani bese usho ngokucacile ukuthi kungani umbhalele. Mhlawumbe ngemva kwalokho ungambuza umbuzo ozomenza acabange bese umtshela ngewebusayithi yethu. Mchazele ngesifundo seBhayibheli esiqhutshwa emakhaya, ubale nezinye zezihloko ezikwenye yezincwadi esiqhuba ngazo isifundo. Emvilophini ungafaka nekhadi lethu lokungena kuwebusayithi, isimemo noma ipheshana

  • Fushanisa. Incwadi akumelwe ibe yinde ukuze angakhathali ukufunda lo ombhalele.—Bheka incwadi eyisibonelo ekhasini 8

  • Phinde uyifunde ukuze ubone ukuthi ayinamaphutha yini, ifundeka kahle. Qikelela ukuthi inobungane, ayicunuli futhi iyakhuthaza. Faka izitembu ezanele