Mashi 16-22
GENESISE 25-26
INgoma 18 Nomthandazo
Amazwi Okuvula (1 umz.)
AMAGUGU ASEZWINI LIKANKULUNKULU
“U-Esawu Uthengisa Ngelungelo Lakhe Lobuzibulo”: (10 imiz.)
Gen 25:27, 28—U-Esawu noJakobe, babengamawele ayenobuntu obungafani nathanda ukwenza izinto ezingafani (it-1-E 1242)
Gen 25:29, 30—U-Esawu wavumela ukulawulwa indlala nokukhathala
Gen 25:31-34—U-Esawu ongazazisi izinto ezingcwele wavele wathengisela uJakobe ilungelo lakhe lobuzibulo ukuze athole ukudla (w19.02 16 ¶11; it-1-E 835)
Ukumba Sifuna Ingcebo Engokomoya: (10 imiz.)
Gen 25:31-34—Kungani le ndaba ingabonisi ukuthi abantu abasohlwini lozalo lukaMesiya kwakumelwe kube amazibulo? (Heb 12:16; w17.12 15 ¶5-7)
Gen 26:7—Kungani u-Isaka engalikhulumanga iqiniso kulokhu? (it-2-E 245 ¶6)
Iyiphi ingcebo oyithole ekufundweni kweBhayibheli kwaleli sonto mayelana noJehova uNkulunkulu, inkonzo yasensimini noma okunye?
Ukufundwa KweBhayibheli: (4 imiz. noma ngaphansi) Gen 26:1-18 (th isifundo 5)
YIBA UMSHUMAYELI NOMFUNDISI ONGCONO ENSIMINI
Ividiyo Ebonisa Lapho Ubuyela Okokuqala: (5 imiz.) Ingxoxo. Dlala ividiyo bese ubuza izilaleli le mibuzo: Uma umninikhaya engayazi impendulo yombuzo, singakugwema kanjani ukusho into engambangela amahloni? Ummemezeli uwusebenzise kanjani uMathewu 20:28 ngendlela ephumelelayo?
Lapho Ubuyela Okokuqala: (4 imiz. noma ngaphansi) Sebenzisa ingxenye ethi Ongase Uxoxe Ngakho. (th isifundo 3)
Lapho Ubuyela Okokuqala: (4 imiz. noma ngaphansi) Qala ngokusebenzisa ingxenye ethi Ongase Uxoxe Ngakho. Yibe usumnikeza incwadi ethi Lingasifundisani. (th isifundo 15)
UKUPHILA NJENGAMAKRISTU
Sebenzisa Amavidiyo Lapho Utadisha Nomuntu Incwajana Ethi Izindaba Ezinhle!: (15 imiz.) Ingxoxo. Dlala ividiyo ethi Siyini Isimo Sabantu Abafile? nethi Kungani UNkulunkulu Evumela Ukuba Sehlelwe Izinto Ezimbi?. Ngemva kokudlala ividiyo ngayinye, buza le mibuzo elandelayo: Ungayisebenzisa kanjani le vidiyo lapho utadisha nomuntu incwajana ethi Izindaba Ezinhle? (mwb19.03 7) Iziphi izinto ezikule vidiyo ezikusizile lapho ufundisa? Khumbuza bonke ukuthi bangakwazi ukuwadlala la mavidiyo encwajaneni esemshinini ethi Izindaba Ezinhle.
ISifundo SeBhayibheli Sebandla: (30 imiz.) ia isahl. 6 ¶15-23 Ibhokisi ek. 57; Ukubukeza, ek. 58
Amazwi Okuphetha (3 imiz. noma ngaphansi)
INgoma 42 Nomthandazo