Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

AMAGUGU ASEZWINI LIKANKULUNKULU | GENESISE 29-30

UJakobe Uyashada

UJakobe Uyashada

29:18-28

Ngaphambi kokuba ashade, uJakobe wayengalwazi uvivinyo ayezobhekana nalo emshadweni. URaheli noLeya, babehlale bexabana. (Gen 29:32; 30:1, 8) Naphezu kovivinyo ayebhekene nalo, uJakobe wabona ukuthi uJehova uhlale emsiza. (Gen 30:29, 30, 43) Inzalo yakhe yagcina iyisizwe sakwa-Israyeli.—Ruthe 4:11.

Namuhla, labo abakhetha ukushada bazobhekana nezinkinga. (1Ko 7:28) Nokho, uma bencika kuJehova futhi besebenzisa izimiso zeBhayibheli, bangakwazi ukuqhubeka bendawonye futhi bejabule emshadweni ngezinga elithile.—IzA 3:5, 6; Efe 5:33.