Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

UKUPHILA NJENGAMAKRISTU

Ukuthuthukisa Amakhono Ethu Enkonzweni​—Ukushumayeza Abantu Abangaboni

Ukuthuthukisa Amakhono Ethu Enkonzweni​—Ukushumayeza Abantu Abangaboni

OKWENZA KUBALULEKE: Abantu abaningi abangaboni abakhululeki ukuxoxa nabantu abangabazi. Ngenxa yalokho, sidinga ukuba nekhono lapho sibashumayeza. UJehova uyabakhathalela futhi uyabathanda abantu abangaboni. (Lev 19:14) Singalingisa isibonelo sakhe ngokwenza umzamo wokubasiza bafunde ngaye.

ONGAKWENZA:

  • ‘Bafune’ abangaboni. (Math 10:11) Ukhona yini omaziyo onesihlobo esingaboni? Ensimini yenu, sikhona yini isikole, indawo yabakhubazekile noma isikhungo esinabantu abangaboni? Uma kukhona, bakhona yini abantu abakulezo zindawo abangathanda ukufunda izincwadi zethu ezenzelwe abantu abangaboni?

  • Bonisa ukuthi uyabakhathalela. Ukuba nobungane nokubonisa ukuthi uyamkhathalela umuntu ongaboni kuzomenza akhululeke. Zama ukuqalisa ingxoxo ngokukhuluma ngezinto ezithandwayo endaweni.

  • Mhambisele izincwadi ezifundisa ngoNkulunkulu. Inhlangano yenze izincwadi ezifundeka ngezindlela ezihlukahlukene ukuze kusizwe abangaboni nhlobo nabangaboni kahle. Buza lo oxoxa naye ukuthi angathanda ukusebenzisa luphi uhlobo lokufunda. Umbonisi wenkonzo kumelwe aqikelele ukuthi inceku yezincwadi ibhale uhlobo olufanele lwencwadi yabantu abangaboni lapho ku-odwa izincwadi.