Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

UKUPHILA NJENGAMAKRISTU

Ngubani Engizommema?

Ngubani Engizommema?

Unyaka ngamunye senza umzamo okhethekile wokumema abantu ensimini yethu ukuze babe nathi eSikhumbuzweni. Abaningi babo asibazi. Kufanele simeme nalabo esibaziyo. Abantu abamenywa abantu ababaziyo bavame ukufika. (yb08 11 ¶3; 14 ¶1) Obani ongabamema?

  • Izihlobo

  • Osebenza nabo noma ofunda nabo

  • Omakhelwane

  • Abantu oke waxoxa nabo nowake wafunda nabo iBhayibheli nalabo ofunda nabo manje

Ngaphezu kwalokho, abadala bazomema asebepholile. Kuthiwani uma ofuna ukummema engahlali endaweni okuyo? Ungathola isikhathi nendawo yeSikhumbuzo salapho ehlala khona ngokuchofoza ingxenye ethi MAYELANA NATHI ku-jw.org, bese ukhetha “ISikhumbuzo.” Njengoba ulungiselela iSikhumbuzo salo nyaka, cabanga ngalabo ongabamema, bese uyabamema.