Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

YIBA UMSHUMAYELI NOMFUNDISI ONGCONO ENSIMINI | YIJABULELE NAKAKHULU INKONZO YAKHO

Buza Imibuzo

Buza Imibuzo

UJehova, ‘uNkulunkulu ojabulayo,’ ufuna siyijabulele inkonzo. (1Ti 1:11) Uma siwathuthukisa amakhono ethu siyojabula nakakhulu. Ukubuza imibuzo kungase kwenze othile athande ukuzwa lokho esikushoyo futhi kuyindlela engokwemvelo yokuqala ingxoxo. Imibuzo yenza abantu bacabangisise. (Mat 22:41-45) Ukubuza imibuzo bese silalela izimpendulo, kunjengokungathi sithi kumuntu, ‘Ubalulekile.’ (Jak 1:19) Izimpendulo zakhe zingasisiza sibone ukuthi singaqhubeka kanjani nengxoxo.

BUKANI IVIDIYO ETHI, THOLA INJABULO YOKWENZA ABAFUNDI—THUTHUKISA AMAKHONO AKHO—NGOKUBUZA IMIBUZO, BESE NIPHENDULA LE MIBUZO ELANDELAYO:

  • UMbali ububonise kanjani ubuntu obuhle?

  • UNonto uyisebenzise kanjani imibuzo ukuze abonise ukuthi uyamkhathalela uMbali?

  • UNonto uyisebenzise kanjani imibuzo ukuze enze uMbali azithande nakakhulu izindaba ezinhle?

  • UNonto uyisebenzise kanjani imibuzo ukuze enze uMbali acabangisise?