AMAGUGU ASEZWINI LIKANKULUNKULU
Qapha Ukuzikhukhumeza Nokuzethemba Ngokweqile
UKhora wavukela indlela uJehova ayefuna abantu baKhe bamkhonze ngayo ngoba wayezikhukhumeza futhi ezethemba ngokweqile (Num 16:1-3; w11 9/15 27 ¶12)
UKhora wayengumLevi ohlonishwayo owayenza imisebenzi eminingi ekhethekile enkonzweni kaNkulunkulu (Num 16:8-10; w11 9/15 27 ¶11)
Indlela ayecabanga ngayo yayiyimbi okwaba nemiphumela emibi kakhulu (Num 16:32, 35)
Izinto esizifezile enkonzweni kaJehova akumelwe zisenze sizikhukhumeze futhi sizethembe ngokweqile. Uma sesinesikhathi eside sikhonza uJehova futhi sinemisebenzi eminingi esiyinikeziwe enhlanganweni yakhe, kubaluleke nakakhulu ukuba sithobeke.