Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

UKUPHILA NJENGAMAKRISTU

Zonke Izinkinga Zinesiphetho

Zonke Izinkinga Zinesiphetho

Izinkinga zingasidikibalisa, ikakhulukazi uma zingapheli. UDavide wayazi ukuthi izinkinga zakhe ezihlanganisa iNkosi uSawule zazizophela ekugcineni nokuthi wayezoba inkosi njengoba uJehova ayemthembisile. (1Sa 16:13) Ukholo lukaDavide lwamsiza waba nesineke futhi walinda uJehova.

Lapho sibhekene nezinkinga, singakwazi ukusebenzisa ukuhlakanipha, ulwazi noma ikhono lokucabanga ukuze sishintshe isimo esikuso. (1Sa 21:12-14; IzA 1:4) Noma kunjalo, ezinye izinkinga zingase ziqhubeke ngisho noma sesenze konke esingakwenza ngokuvumelana nezimiso zeBhayibheli. Ezimweni ezinjalo, singabonisa isineke futhi silinde uJehova. Maduze uzoqeda konke ukuhlupheka kwethu ‘asule zonke izinyembezi’ emehlweni ethu. (IsA 21:4) Ukuthi izinkinga zethu ziphela ngenxa yosizo lukaJehova noma ngenxa yezinye izizathu, kunye esiqiniseka ngakho: Zonke izinkinga zinesiphetho. Leli qiniso lingasiduduza ngezinga elithile.

BUKELANI IVIDIYO ETHI ABANTU ABANOBUNYE EZWENI ELIHLUKENE PHAKATHI BESE NIPHENDULA LE MIBUZO ELANDELAYO:

  • Yiziphi izinkinga amanye amaKristu aseningizimu ye-United States abhekana nazo?

  • Asibonisa kanjani isineke nothando?

  • Aqhubeka kanjani egxile ‘ezintweni ezibaluleke kakhulu’?​—Flp 1:10