Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

UDavide ubhekene noGoliyati

AMAGUGU ASEZWINI LIKANKULUNKULU

“Impi IngekaJehova”

“Impi IngekaJehova”

Ukholo lukaDavide kuJehova lwalusekelwe olwazini ayenalo nakulokho ayeke abhekana nakho ekuphileni (1Sa 17:36, 37; wp16.5 11 ¶2-3)

UDavide akazange aziqhathanise noGoliyati kunalokho waqhathanisa uGoliyati noJehova (1Sa 17:45-47; wp16.5 11-12)

UJehova wenza uDavide wanqoba isitha sakhe esinamandla nesethusayo (1Sa 17:48-50; wp16.5 12 ¶4; bheka isithombe esisesembozweni)

Ngezinye izikhathi, singase sibhekane nezinkinga ezinkulu, njengokushushiswa noma ukunqoba umkhuba omubi. Lapho izinkinga zibonakala zizinkulu, kumelwe sikhumbule ukuthi zincane uma ziqhathaniswa namandla kaJehova angenamkhawulo.​—Job 42:1, 2.