Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

UKUPHILA NJENGAMAKRISTU

Izindlela Ezintathu Esingathembela Ngazo KuJehova

Izindlela Ezintathu Esingathembela Ngazo KuJehova

UDavide wamnqoba uGoliyati ngoba wayethembele kuJehova. (1Sa 17:45) UJehova ufuna ukubonakalisa amandla akhe ngenxa yazo zonke izinceku zakhe. (2Kr 16:9) Singabonisa kanjani ukuthi sincike osizweni lukaJehova kunasemakhonweni ethu nakulokho esiye sabhekana nakho ekuphileni? Nazi izindlela ezintathu:

  • Thandaza njalo. Ungagcini nje ngokucela intethelelo lapho wenze iphutha kodwa thandaza ucele namandla okubhekana nesilingo. (Mat 6:12, 13) Ungathandazeli nje isibusiso sikaJehova ezinqumweni osuzenzile kodwa thandazela nesiqondiso sakhe nokuhlakanipha ngaphambi kokuba wenze izinqumo.​—Jak 1:5

  • Yiba nesimiso sokufunda iBhayibheli nesokutadisha. Funda iBhayibheli nsuku zonke. (Hu 1:2) Zindla ngezibonelo eziseBhayibhelini futhi uzisebenzise izifundo ozifundile. (Jak 1:23-25) Yilungiselele inkonzo, ungenciki kulokho owakwazi ukukwenza esikhathini esidlule. Zuza ngokugcwele emihlanganweni yebandla ngokutadisha nangokulungiselela ngaphambi kwemihlangano

  • Hambisana nenhlangano kaJehova. Zazi iziqondiso ezintsha ezivela enhlanganweni futhi usheshe ukuzilandela. (Num 9:17) Lalela abadala lapho benikeza izeluleko neziqondiso.​—Heb 13:17

BUKELANI IVIDIYO ETHI UNGALWESABI USHUSHISO BESE NIPHENDULA LE MIBUZO ELANDELAYO:

• Abafowethu nodadewethu babhekana naziphi izimo ezabenza besaba?

• Yini eyabasiza bakwazi ukubhekana nalezo zimo?