Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

YIBA UMSHUMAYELI NOMFUNDISI ONGCONO ENSIMINI | YIJABULELE NAKAKHULU INKONZO YAKHO

Siza Labo Obafundela IBhayibheli Bayeke Imikhuba Emibi

Siza Labo Obafundela IBhayibheli Bayeke Imikhuba Emibi

Abantu abahlanzekile ngokokuziphatha kuphela abangaba nobuhlobo obuseduze noJehova. (1Pe 1:14-16) Uma beyeka imikhuba emibi, obafundelayo bangaba nemindeni ejabulayo, impilo enhle futhi bonge nemali.

Mchazele ngokucacile indlela uJehova afuna siziphathe ngayo nokuthi kungani efuna siziphathe kanjalo bese nixoxa ngezinzuzo zokuphila ngalezo zindlela. Gxila ekusizeni ofunda nabo iBhayibheli ukuba bashintshe indlela abacabanga ngayo, ngemva kwalokho bayokwazi ukwenza lokho uJehova akufunayo. (Efe 4:22-24) Baqinisekise ukuthi ngosizo lukaJehova, bangakwazi ukuyeka imikhuba emibi osekuyisikhathi eside beyenza. (Flp 4:13) Bafundise ukuba bathandaze kuJehova lapho benesifiso esibi sokwenza isono. Basize babone izimo ezingaba yizilingo kubo futhi bazigweme. Bakhuthaze ukuba bathole ezinye izinto ezihlanzekile abangazenza. Uyojabula lapho ubona obafundela iBhayibheli benza izinguquko ekuphileni kwabo ngosizo lukaJehova.

BUKELANI IVIDIYO ETHI SIZA LABO OBAFUNDELA IBHAYIBHELI BAYEKE IMIKHUBA EMIBI BESE NIPHENDULA LE MIBUZO ELANDELAYO:

  • Abadala noNonto bambonisa kanjani uMbali ukuthi bayamethemba?

  • Yini enye eyenziwa uNonto ukuze asize uMbali?

  • Yini eyenziwa uMbali ukuze athole usizo lukaJehova?