UKUPHILA NJENGAMAKRISTU
Ukufunda IBhayibheli Nsuku Zonke Nokufuna Ukuhlakanipha
Ukuhlakanipha kukaNkulunkulu kuyigugu njengengcebo efihliwe. (IzA 2:1-6) Ukuhlakanipha kuyasisiza sahlulele kahle futhi senze izinqumo ezinhle. Kuyasivikela futhi kusiqaphe. Ngakho-ke, “kuyinto ebaluleke kunazo zonke.” (IzA 4:5-7) Kudingeka senze umzamo wokumba ingcebo efihliwe engokomoya eZwini likaNkulunkulu. Singaqala ngokufunda iZwi likaNkulunkulu “ubusuku nemini”—nsuku zonke. (Jos 1:8) Phawula amanye amacebiso angasisiza sifunde iZwi likaNkulunkulu njalo futhi sikujabulele ukulifunda.
BUKELANI IVIDIYO ETHI INTSHA EFUNDA UKUTHANDA IZWI LIKANKULUNKULU BESE NIPHENDULA LE MIBUZO ELANDELAYO:
Yiziphi izinselele laba abasha ababhekana nazo lapho bezama ukufunda iBhayibheli nsuku zonke futhi yini eyabasiza?
-
UMelanie
-
USamuel
-
UCeline
-
URaphaello
ISIMISO SAMI SOKUFUNDA IBHAYIBHELI: