Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Indlovukazi yaseSheba ivakashele isigodlo seNkosi uSolomoni

INGCEBO ESEZWINI LIKANKULUNKULU

Yakwazisa Ukuhlakanipha

Yakwazisa Ukuhlakanipha

Indlovukazi yaseSheba yathatha uhambo olude nolunzima ukuze iyobona uSolomoni (2Kr 9:1, 2; w99 11/1 20 ¶4; w99 7/1 30 ¶4-5)

Ukuhlakanipha nengcebo kukaSolomoni kwayishiya ibambe ongezansi (2Kr 9:3, 4; w99 7/1 30-31; bheka isithombe esisesembozweni)

Lokho eyakubona kwayenza yadumisa uJehova (2Kr 9:7, 8; it-2-E 990-991)

Indlovukazi yaseSheba yakwazisa kakhulu ukuhlakanipha kangangokuba yayizimisele ukudela noma yini ukuze ikuthole.

ZIBUZE, ‘Ingabe ngizimisele ukufuna ukuhlakanipha njengokungathi ngifuna ingcebo efihliwe?’​—IzA 2:1-6.