UKUPHILA NJENGAMAKRISTU
Indlela Yokusebenzisa Amavidiyo Okuqala Isifundo SeBhayibheli
Sinamavidiyo amane okuqala isifundo seBhayibheli esingawasebenzisa ensimini. Wawuyini umgomo wokwenziwa kwala mavidiyo?
-
Ividiyo ethi Kungani Kufanele Utadishe IBhayibheli?—Ephelele yenzelwe ukusiza abantu ukuba bathande iBhayibheli kungakhathaliseki ukuthi yini abayikholelwayo. Ikhuthaza abayibukele ukuba bazifune eBhayibhelini izimpendulo zemibuzo ebalulekile ekuphileni futhi ithinte kafushane izimpendulo zalokho abangakuthola. Ichaza nendlela yokucela isifundo seBhayibheli.
-
Ividiyo ethi Kungani Kufanele Utadishe IBhayibheli? (efushanisiwe) iyafana nevidiyo ephelele kodwa iyisiqephu esifushane. Ingasebenziseka kahle ensimini lapho abantu bejahile.
-
Ividiyo ethi Siqhutshwa Kanjani Isifundo SeBhayibheli? yenzelwe ukusiza abantu bafune ukuqhutshelwa isifundo seBhayibheli samahhala nokuphendula imibuzo abangase babenayo ngaso nokuthi ungasicela kanjani isifundo.
-
Ividiyo ethi Uyamukelwa Esifundweni Sakho SeBhayibheli yenzelwe ukuba sibukise esifunda nabo iBhayibheli. Nakuba ividiyo yethulwa ekhasini lesibili lencwadi ethi Phila Kuze Kube Phakade! ungababukisa yona nalapho nixoxa ngencwajana ethi Phila Kuze Kube Phakade! Le vidiyo iveza lokho okusencwadini nalokho umfundi angakulindela phakathi nezingxoxo.
Nakuba ividiyo ngayinye yayenzelwe injongo ethile, singababonisa noma sibathumelele wona abantu uma kufaneleka. Abamemezeli bakhuthazwa ukuba bajwayelane nawo futhi bawasebenzise kahle ensimini.