INGCEBO ESEZWINI LIKANKULUNKULU
‘Inhliziyo Yami Iyoba Kuyo Ngaso Sonke Isikhathi’
UJehova wazikhethela ithempeli ukuba libe elakhe (2Kr 7:11, 12)
Inhliziyo kaJehova iyohlala ikulo, okubonisa ukuthi uyohlale efuna ukwazi ukuthi yini eyenzekayo kule ndlu ethinta igama lakhe (2Kr 7:16; w02 11/15 5 ¶1)
Uma abantu babeyeka ukuhamba phambi kukaJehova ‘ngayo yonke inhliziyo yabo,’ wayezolivumela ithempeli ukuba libhujiswe (2Kr 6:14; 7:19-21; it-2-E 1077-1078)
Ngesikhathi kunikezelwa ithempeli, kungenzeka abantu bacabanga ukuthi izinhliziyo zabo zaziyohlala zicabanga ngethempeli. Ngokudabukisayo, kancane kancane abantu balahlekelwa intshiseko yokukhonza uJehova.
ZIBUZE, ‘Ngibonisa kanjani ukuthi ngikubheka njengokubalulekile ukukhonza kwami uNkulunkulu?’