UKUPHILA NJENGAMAKRISTU
“Qapha Inhliziyo Yakho”
USolomoni ephefumulelwe wabhala: “Ngaphezu kwazo zonke izinto oziqaphayo, qapha inhliziyo yakho.” (IzA 4:23) Ngokudabukisayo, abantu bakaNkulunkulu, u-Israyeli, bayeka ukuhamba phambi kukaJehova ‘ngayo yonke inhliziyo yabo.’ (2Kr 6:14) Ngisho neNkosi uSolomoni yavumela abafazi bayo abangamaqaba bachezukisa inhliziyo yayo ukuba ilandele abanye onkulunkulu. (1Kh 11:4) Ungayiqapha kanjani inhliziyo yakho? Le ndaba kwaxoxwa ngayo esihlokweni esifundwayo esasiku-Nqabayokulinda kaJanuwari 2019, amakhasi 14-19.
BUKELANI IVIDIYO ETHI IZIFUNDO EZITHOLAKALA KUNQABAYOKULINDA—QAPHA INHLIZIYO YAKHO BESE NIPHENDULA LE MIBUZO ELANDELAYO:
Yiziphi izinto ezimbi ezazingenza buthaka ukholo lwala maKristu futhi lesi sihloko sawasiza kanjani aqapha izinhliziyo zawo?
-
UBrent noLauren
-
U-Umjay
-
UHappy Layou
Sakusiza kanjani wena lesi sihloko?