Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Ephreli 29–Meyi 5

IHUBO 34-35

Ephreli 29–Meyi 5

Ingoma 10 Nomthandazo | Amazwi Okuvula (1 umz.)

INGCEBO ESEZWINI LIKANKULUNKULU

1. “Dumisa UJehova Ngazo Zonke Izikhathi”

(10 imiz.)

UDavide wadumisa uJehova ngisho nangezikhathi ezinzima (Hu 34:1; w07 3/1 22 ¶11)

UDavide waziqhayisa ngoJehova, hhayi ngaye ngokwakhe (Hu 34:​2-4; w07 3/1 22 ¶13)

Amazwi kaDavide okudumisa abaqinisa abangani bakhe (Hu 34:5; w07 3/1 23 ¶15)

Ngemva kokuba uDavide ekhululiwe ku-Abhimeleki, amadoda angu-400 ayengajabule ngokubusa kukaSawule aya kuye ehlane. (1Sa 22:​1, 2) Kungenzeka uDavide wayecabanga ngawo lapho ebhala leli hubo.—Hu 34, umbhalo ongenhla.

ZIBUZE, ‘Ngingamdumisa kanjani uJehova lapho ngixoxa nothile emhlanganweni webandla olandelayo?’

2. Amagugu Angokomoya

(10 imiz.)

  • Hu 35:19—Sisho ukuthini isicelo sikaDavide sokuba abamzondayo ‘bangacifelani iso’? (w06 5/15 20 ¶2)

  • Yimaphi amagugu owathole ekufundweni kweBhayibheli kwaleli sonto?

3. Ukufundwa KweBhayibheli

YIBA UMSHUMAYELI NOMFUNDISI ONGCONO ENSIMINI

4. Ukuqala Ingxoxo

(2 imiz.) UKUSHUMAYELA NGOKWETHUKELA. Ingxoxo iphela ungashumayeli nokushumayela. (lmd isifundo 1 iphuzu 4)

5. Ukubuyela Koxoxe Naye

(4 imiz.) UKUSHUMAYELA NGOKWETHUKELA. (lmd isifundo 2 iphuzu 4)

6. Ukuchaza Izinkolelo Zakho

(5 imiz.) Umboniso. ijwfq 59—Isihloko: OFakazi BakaJehova Banquma Kanjani Ukuthi Iholide Elithile Liyamukeleka Yini? (th isifundo 17)

UKUPHILA NJENGAMAKRISTU

Ingoma 59

7. Izindlela Ezintathu Zokudumisa UJehova Emihlanganweni

(15 imiz.) Ingxoxo.

Imihlangano yebandla isinika amathuba amahle okudumisa uJehova. Nazi izindlela ezintathu zokwenza lokho.

Izingxoxo: Khuluma ngobuhle bukaJehova lapho uxoxa nabanye. (Hu 145:​1, 7) Likhona yini iphuzu olizwile noma olifundile elikusizile? Kukhona yini okuhle okwenzekile ngesikhathi usenkonzweni yasensimini? Ukhona yini okukhuthaze ngamazwi noma ngezenzo? Ikhona yini into oyibone endalweni ekuthinte inhliziyo? Zonke lezo zinto ziyizipho ezivela kuJehova. (Jak 1:17) Fika kusasele imizuzwana ngaphambi kokuba imihlangano iqale ukuze ube nesikhathi sokuxoxa nabanye.

Izimpendulo: Zama ukuphendula okungenani kanye emhlanganweni ngamunye. (Hu 26:12) Unganikeza impendulo eqondile yombuzo noma usho iphuzu lokwenezela, ukhulumele umbhalo, izithombe noma usho ukuthi singakusebenzisa kanjani lokho esikufundayo. Njengoba cishe nabanye beyophakamisa lapho nawe uphakamisile, lungiselela izimpendulo eziningana. Baningi abayokwazi ‘ukunikela kuNkulunkulu umhlatshelo wokudumisa’ uma izimpendulo zethu ziyimizuzwana engu-30 noma ngaphansi.—Heb 13:15.

Izingoma: Zicule ngentshiseko izingoma zoMbuso. (Hu 147:1) Ungase ungakwazi ukuphendula kuyo yonke imihlangano yebandla, ikakhulukazi ebandleni elinabantu abaningi, kodwa ungakwazi ukucula kuyo yonke imihlangano. Ngisho noma unomuzwa wokuthi awulona igagu emculweni, lapho wenza konke okusemandleni akho, uJehova ujabula kakhulu! (2Ko 8:12) Ungazilungiselela ngokuprakthiza izingoma ekhaya.

Dlala IVIDIYO ethi Umlando Wethu—Isipho Somculo, Ingxenye 1. Ngemva kwalokho, buza izilaleli:

Ngezinsuku zokuqala zenhlangano yosuku lwanamuhla, sabonisa kanjani ukuthi ukucula izingoma zokudumisa uJehova kubalulekile?

8. ISifundo SeBhayibheli Sebandla

Amazwi Okuphetha (3 imiz.) | Ingoma Entsha Yomhlangano Wesifunda Ka-2024 Nomthandazo