Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Ephreli 8-14

IHUBO 26-28

Ephreli 8-14

Ingoma 34 Nomthandazo | Amazwi Okuvula (1 umz.)

INGCEBO ESEZWINI LIKANKULUNKULU

1. Okwenziwa UDavide Ukuze Ahlale Eqotho KuJehova

(10 imiz.)

UDavide wacela uJehova ukuba amsize abe umuntu ongcono (Hu 26:​1, 2; w04 12/1 14 ¶8-9)

UDavide wabagwema abangani ababi (Hu 26:​4, 5; w04 12/1 15 ¶12-13)

UDavide wayekuthanda ukukhonza uJehova (Hu 26:8; w04 12/1 16 ¶17-18)


Nakuba uDavide awenza amaphutha, wahamba “ngenhliziyo ephelele nangobuqotho.” (1Kh 9:4) Ubuqotho bukaDavide babonakala endleleni ayezinikele ngayo ngenhliziyo yonke kuJehova nasendleleni ayemthanda ngayo.

2. Amagugu Angokomoya

(10 imiz.)

  • Hu 27:10—Leli vesi lingasiduduza kanjani lapho sibona sengathi abangani bethu abaseduze basilahlile? (w06 7/15 28 ¶15)

  • Yimaphi amagugu owathole ekufundweni kweBhayibheli kwaleli sonto?

3. Ukufundwa KweBhayibheli

YIBA UMSHUMAYELI NOMFUNDISI ONGCONO ENSIMINI

4. Ukuqala Ingxoxo

(2 imiz.) ENDLINI NGENDLU. Sebenzisa ipheshana eliseBhokisini Lamathuluzi Okufundisa. (th isifundo 3)

5. Ukubuyela Koxoxe Naye

(4 imiz.) ENDLINI NGENDLU. Xoxani ngombuzo ongemuva kwepheshana owalishiya ekuhambeleni okudlule. Bonisa umuntu i-jw.org, umbonise nalokho angakuthola kuyo. (lmd isifundo 9 iphuzu 3)

6. Inkulumo

(5 imiz.) lmd isithasiselo A iphuzu 3—Isihloko: Umhlaba Uyobuyiselwa Esimweni Sawo Esihle. (th isifundo 13)

UKUPHILA NJENGAMAKRISTU

Ingoma 128

7. Intsha Elondoloza Ubumsulwa Bayo

(15 imiz.) Ingxoxo.

Intsha engamaKristu kumele ilwe ukuze ilondoloze ubumsulwa bayo. Ilwa nenyama yayo enesono futhi ilwela ukuhlala imsulwa ngenkathi isathomba—isikhathi lapho imizwa yocansi enamandla ingenza kube nzima ukuba yenze okulungile. (Rom 7:21; 1Ko 7:36) Kanti futhi kumele ihlale ilwa nokucindezelwa abanye ukuba iye ocansini nabobulili obufanayo noma nabobulili obuhlukile. (Efe 2:2) Siyaziqhenya ngalabo abaqhubeka belondoloza ubuqotho babo.

Dlala IVIDIYO ethi Ubusha Bami—Ngingalwa Kanjani Nokucindezelwa Ukuba Ngiye Ocansini Ngingashadile? Ngemva kwalokho, buza izilaleli:

  • UCory noKamryn babhekana nakuphi ukucindezelwa ontanga?

  • Yini eyabasiza ukuba bahlale beqotho?

  • Yiziphi izimiso zeBhayibheli ezingakusiza uma ubhekana nezimo ezifanayo?

8. ISifundo SeBhayibheli Sebandla

(30 imiz.) bt isahl. 8 ¶5-12

Amazwi Okuphetha (3 imiz.) | Ingoma 38 Nomthandazo