Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Ephreli 1-7

IHUBO 23-25

Ephreli 1-7

Ingoma 4 Nomthandazo | Amazwi Okuvula (1 umz.)

INGCEBO ESEZWINI LIKANKULUNKULU

1. “UJehova UnguMalusi Wami”

(10 imiz.)

UJehova uyasihola (Hu 23:​1-3; w11 5/1 31 ¶3)

UJehova uyasivikela (Hu 23:4; w11 5/1 31 ¶4)

UJehova uyasondla (Hu 23:5; w11 5/1 31 ¶5)

UJehova unakekela izinceku zakhe ngendlela umalusi onothando anakekela ngayo izimvu zakhe.

ZIBUZE, ‘UJehova unginakekele kanjani mina?’

2. Amagugu Angokomoya

(10 imiz.)

  • Hu 23:3—Ziyini ‘izindlela zokulunga’ futhi yini ezosisiza singachezuki kuzo? (w11 2/15 24 ¶1-3)

  • Yimaphi amagugu owathole ekufundweni kweBhayibheli kwaleli sonto?

3. Ukufundwa KweBhayibheli

YIBA UMSHUMAYELI NOMFUNDISI ONGCONO ENSIMINI

4. Ukuqala Ingxoxo

(3 imiz.) UKUSHUMAYELA NGOKWETHUKELA. Xoxa ngevesi leBhayibheli elikhuthazayo nomuntu okutshela ukuthi ukhathazekile ngesimo semvelo. (lmd isifundo 2 iphuzu 5)

5. Ukubuyela Koxoxe Naye

(4 imiz.) ENDLINI NGENDLU. Bonisa umuntu owamukele incwajana ethi Phila Kuze Kube Phakade! ukuthi siqhutshwa kanjani isifundo seBhayibheli. (lmd isifundo 9 iphuzu 3)

6. Ukwenza Abafundi

UKUPHILA NJENGAMAKRISTU

Ingoma 54

7. Siyalenqaba Izwi Lezihambi

(15 imiz.) Ingxoxo.

Izimvu ziyalazi izwi likamalusi wazo futhi ziyamlandela. Ngakolunye uhlangathi, ziyalibalekela izwi lesihambi ezingalazi. (Joh 10:5) Ngendlela efanayo, silalela izwi laBelusi bethu abangokomoya abanothando nabathembekile, uJehova noJesu. (Hu 23:1; Joh 10:11) Kodwa asililaleli izwi lezihambi ezizama ukwenza buthaka ukholo lwethu “ngamazwi enkohliso.”—2Pe 2:​1, 3.

UGenesise isahluko 3 uchaza isikhathi okwazwakala ngaso izwi lesihambi okokuqala emhlabeni. USathane wazifihla ukuthi ungubani lapho ekhuluma no-Eva. Ezenza umngani wakhe, wasonta amazwi nezisusa zikaJehova. Ngokudabukisayo, u-Eva wamlalela, okwabangela ukuhlupheka okukhulu kuye nasemndenini wakhe.

Namuhla, uSathane uzama ukusenza singamethembi uJehova nenhlangano yakhe ngokusakaza imibiko engamanga, amaqiniso angaphelele namanga aluhlaza cwe. Uma sizwa izwi lesihambi kufanele sibaleke! Ukulilalela, ngisho nesikhashana nje ngenxa yelukuluku, kuyingozi. Mangaki nje amazwi uSathane okwadingeka awasho ukuze akhohlise u-Eva phakathi naleyo ngxoxo emfushane? (Gen 3:​1, 4, 5) Kuthiwani-ke uma umuntu esimaziyo—umuntu osithandayo nonezinhloso ezinhle—efuna ukukhuluma kabi ngenhlangano kaJehova?

Dlala IVIDIYO ethi Lenqabe “Izwi Lezihambi.” Ngemva kwalokho, buza izilaleli:

Ufundeni endleleni uMbali asingathe ngayo indaba kamama wakhe ongeyena uFakazi?

8. ISifundo SeBhayibheli Sebandla

Amazwi Okuphetha (3 imiz.) | Ingoma 55 Nomthandazo