Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Mashi 17-23

IZAGA 5

Mashi 17-23

Ingoma 122 Nomthandazo | Amazwi Okuvula (1 umz.)

INGCEBO ESEZWINI LIKANKULUNKULU

1. Gwema Ukuziphatha Kabi Ngokocansi

(10 imiz.)

Ukuziphatha kabi ngokocansi kungamyenga umuntu (IzA 5:3; w00 7/15 29 ¶1)

Imiphumela yokuziphatha kabi ngokocansi ibaba njengomhlonyane (IzA 5:​4, 5; w00 7/15 29 ¶2)

Gwema ukuziphatha kabi ngokocansi (IzA 5:8; w00 7/15 29 ¶5)

Udade ongumKristu uyenqaba ukunika umfana inamba yakhe yocingo

2. Amagugu Angokomoya

(10 imiz.)

  • IzA 5:9—Ukuziphatha kabi ngokocansi kukwenza kanjani “uhlazeke kwabanye uphelelwe isithunzi”? (w00 7/15 29 ¶7)

  • Yimaphi amagugu owathole ekufundweni kweBhayibheli kwaleli sonto?

3. Ukufundwa KweBhayibheli

YIBA UMSHUMAYELI NOMFUNDISI ONGCONO ENSIMINI

4. Ukuqala Ingxoxo

(3 imiz.) UKUSHUMAYELA EZINDAWENI ZOMPHAKATHI. Memela umuntu eSikhumbuzweni osenkolweni engeyona eyobuKristu bese usebenzisa i-jw.org ukuze uthole iSikhumbuzo esiseduze kwalapho ehlala khona. (lmd isifundo 6 iphuzu 4)

5. Ukubuyela Koxoxe Naye

(4 imiz.) ENDLINI NGENDLU. Esikhathini esedlule umuntu usamukele isimemo seSikhumbuzo futhi wabonisa ukuthi uyathanda ukulalela. (lmd isifundo 9 iphuzu 5)

6. Ukwenza Abafundi

(5 imiz.) lff isifundo 16 ukubuyekeza, ufundeni nomgomo. Lapho umuntu omfundelayo ebuza ukuthi uJesu wayeshadile yini, mbonise indlela yokucwaninga ukuze athole impendulo. (lmd isifundo 11 iphuzu 4)

UKUPHILA NJENGAMAKRISTU

Ingoma 121

7. Thatha Izinyathelo Zokuhlala Umsulwa Lapho Uthandana Nothile

(15 imiz.) Ingxoxo.

Ukuthandana nothile kungase kuchazwe ngokuthi yilapho owesilisa nowesifazane bechitha isikhathi ndawonye ukuze bafundane. Ngokuvamile abantu emphakathini bakwenza beseqenjini noma bebobabili, bangase babatshele abanye noma babafihlele. Bangase bakwenze bebonana ngokoqobo, bakwenze ngocingo noma ngokuthumelelana imiyalezo. Ukuthandana nothile asikubheki njengomdlalo kodwa njengesinyathelo esibalulekile esiholela emshadweni. Iziphi izinyathelo ezingasiza abantu abadala noma abasebasha abathandanayo ukuba bangaziphathi kabi ngokocansi?—IzA 22:3.

Dlala IVIDIYO ethi Ukulungiselela Umshado—Ingxenye 1: Ingabe Ngikulungele Ukuqomisana?—Isiqeshana. Ngemva kwalokho, buza izilaleli le mibuzo:

  • Kungani kungafanele umuntu athandane nothile kuze kube yilapho eselungele ukushada? (IzA 13:12; Luk 14:​28-30)

  • Yini oyithandile ngendlela abazali abasize ngayo indodakazi yabo?

Funda izAga 28:26. Ngemva kwalokho, buza izilaleli le mibuzo:

  • Yini abantu abathandanayo abangayenza ukuze bagweme ukuziphatha kabi ngokocansi?

  • Kungani kuwukuhlakanipha ngabantu abathandanayo ukuba baxoxe kusengaphambili ngemingcele ecacile ephathelene nokubonisana uthando, njengokubambana ngezandla nokuqabulana?

Funda eyabase-Efesu 5:​3, 4. Ngemva kwalokho, buza izilaleli:

  • Yini abantu abathandanayo okufanele bayikhumbule lapho bexoxa ocingweni noma ezinkundleni zokuxhumana?

8. ISifundo SeBhayibheli Sebandla

(30 imiz.) bt isahl. 24 ¶1-6

Amazwi Okuphetha (3 imiz.) | Ingoma 3 Nomthandazo