Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Mashi 3-9

IZAGA 3

Mashi 3-9

Ingoma 8 Nomthandazo | Amazwi Okuvula (1 umz.)

INGCEBO ESEZWINI LIKANKULUNKULU

1. Bonisa Ukuthi Uthembele KuJehova

(10 imiz.)

Thembela kuJehova, ungathembeli emandleni akho (IzA 3:5; ijwbv isihloko 14 ¶4-5)

Bonisa ukuthi uthembele kuJehova ngokufuna isiqondiso sakhe bese uyasilandela (IzA 3:6; ijwbv isihloko 14 ¶6-7)

Gwema ukuzethemba ngokweqile (IzA 3:7; be 76 ¶4)

ZIBUZE, ‘Ngiyasifuna yini isiqondiso sikaJehova kukho konke engikwenzayo?’

2. Amagugu Angokomoya

(10 imiz.)

  • IzA 3:3—Uthando oluqotho nokwethembeka singakubophela kanjani ezintanyeni zethu futhi sikubhale ezinhliziyweni zethu? (w06 9/15 17 ¶7)

  • Yimaphi amagugu owathole ekufundweni kweBhayibheli kwaleli sonto?

3. Ukufundwa KweBhayibheli

YIBA UMSHUMAYELI NOMFUNDISI ONGCONO ENSIMINI

4. Ukuqala Ingxoxo

(3 imiz.) ENDLINI NGENDLU. Phendula umuntu ophikisa ngendlela evamile. (lmd isifundo 1 iphuzu 5)

5. Ukuqala Ingxoxo

(4 imiz.) UKUSHUMAYELA EZINDAWENI ZOMPHAKATHI. Chazela umuntu nge-jw.org, bese umnikeza ikhadi elinemininingwane yesifundo seBhayibheli. (lmd isifundo 3 iphuzu 3)

6. Inkulumo

(5 imiz.) w11 3/15 14 7-10—Isihloko: Bonisa Ukuthi Uthembela KuNkulunkulu Lapho Ubhekene Nokunganakwa Enkonzweni. (th isifundo 20)

UKUPHILA NJENGAMAKRISTU

Ingoma 124

7. Bonisa Ukuthi Uthembele Enhlanganweni KaJehova

(15 imiz.) Ingxoxo.

Kungase kube lula ukwethemba isiqondiso esivela eZwini likaNkulunkulu eliyiqiniso neliphefumulelwe, iBhayibheli. Kodwa kungaba nzinyana ukwethemba isiqondiso esivela kubantu abanesono abaholayo enhlanganweni kaJehova, ikakhulukazi uma singasiqondi leso siqondiso noma singavumelani naso.

Funda uMalaki 2:7. Ngemva kwalokho, buza izilaleli:

  • Kungani kungasimangazi ukuthi uJehova usebenzisa amadoda anesono ukuze aqondise abantu bakhe?

Funda uMathewu 24:45. Ngemva kwalokho, buza izilaleli:

  • Kungani singasethemba isiqondiso esivela enhlanganweni kaJehova?

Funda eyamaHebheru 13:17. Ngemva kwalokho, buza izilaleli:

  • Kungani kufanele sisekele izinqumo ezenziwa yilabo uJehova abaphathise umsebenzi wokuba bahole?

Dlala IVIDIYO ethi Umbiko WeNdikimba Ebusayo Ka-2021 #9—Isiqeshana. Ngemva kwalokho, buza izilaleli:

  • Iziqondiso esazithola phakathi nobhubhane zakwenza kanjani ukuba uyethembe nakakhulu inhlangano kaJehova?

8. ISifundo SeBhayibheli Sebandla

Amazwi Okuphetha (3 imiz.) | Ingoma 57 Nomthandazo