Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

UKUPHILA NJENGAMAKRISTU

Ingabe Uyayisebenzisa I-JW Library?

Ingabe Uyayisebenzisa I-JW Library?

I-JW Library iwuhlelo lwe-computer lwamahhala olwenza ukwazi ukudawuniloda iBhayibheli nezinye izincwadi, ama-video nezinto ezilalelwayo kumakhalekhukhwini wakho, kuyi-tablet noma kuyi-computer.

INDLELA YOKUYITHOLA: Vula i-Internet, yibe usudawuniloda i-JW Library uyithatha kuyi-app store. Lolu hlelo lusebenza emishinini ehlukahlukene. Njengoba usayivulile i-Internet, vula lolu hlelo bese ukhetha lokho ofisa ukukudawuniloda emshinini wakho wobuchwepheshe. Uma ungenakukwazi ukuvula i-Internet ekhaya, mhlawumbe ungayoyivulela eHholo LoMbuso, e-library yomphakathi noma ethilomu eliseduze. Uma izincwadi sezidawunilodekile emshinini wakho, awusayidingi i-Internet ukuze uzivule. Ngenxa yokuthi kwenezelwa izici ezintsha njalo kuyi-JW Library, kufanele udamane ungena kuyi-Internet ukuze ufake uhlelo oluthuthukisiwe lapho lutholakala.

ISIZA NGANI? I-JW Library ikwenza kube lula kakhulu ukwenza isifundo somuntu siqu nokuhambisana nesikhulumi emihlanganweni yebandla. Iyasiza nasenkonzweni ikakhulu lapho sifakaza ngokwethukela.