Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

AMAGUGU AVELA EZWINI LIKANKULUNKULU | JOBE 38-42

Ukuthandazela Abanye Kuyamjabulisa UJehova

Ukuthandazela Abanye Kuyamjabulisa UJehova

UJehova wayelindele ukuba uJobe athandazele u-Elifazi, uBhilidadi noZofari

42:7-10

  • UJehova watshela u-Elifazi, uBhilidadi noZofari ukuba baye kuJobe futhi banikele ngomnikelo wokushiswa

  • Kwakulindeleke ukuba uJobe abathandazele

  • Ngemva kokuba uJobe ebathandazele, wabusiswa

UJehova wambusisa kakhulu uJobe ngenxa yokholo nokukhuthazela kwakhe

42:10-17

  • UJehova walususa uvivinyo lukaJobe, wamphulukisa

  • UJobe wathola induduzo yeqiniso kubangane nezihlobo ngakho konke ahlupheka ngakho

  • UJehova wabuyisela ingcebo kaJobe, wamnika okwakumlahlekele sekuphindwe kabili

  • UJobe nomkakhe baba nezinye izingane eziyishumi

  • UJobe waphila eminye iminyaka engu-140 futhi wabona isizukulwane sesine emndenini wakhe