Izintshumayelo Ezisikiselwe
INQABAYOKULINDA
Umbuzo: Ucabanga ukuthi ayoke agcwaliseke yini la mazwi?
UmBhalo: IsAm 21:3, 4
Okuzohanjiswa: Le Nqabayokulinda ichaza indlela uNkulunkulu azosigcwalisa ngayo lesi sithembiso nokuthi singasho ukuthini kuwe.
INQABAYOKULINDA (ikhasi elingemuva)
Umbuzo: Ngicela ubheke lo mbuzo. [Mbonise umbuzo wokuqala nezimpendulo ezisesihlokweni esisekhasini 16.] Ucabangani?
UmBhalo: IHu 83:18
Okuzohanjiswa: Lesi sihloko sidingida lokho okushiwo iBhayibheli ngegama likaNkulunkulu.
OKUFUNDISWA IBHAYIBHELI
Umbuzo: Abanye abantu bacabanga ukuthi uNkulunkulu olawula izwe. Kodwa bewazi yini ukuthi empeleni iBhayibheli alikufundisi lokho?
UmBhalo: 1Joh 5:19
Okuzohanjiswa: Le ncwadi inencazelo ecacile yalokho okufundiswa iBhayibheli ngale ndaba nezinye eziningi.
ZAKHELE EYAKHO INTSHUMAYELO
Landela indlela okuhlelwe ngayo izibonelo ezinikeziwe ukuze uzakhele eyakho intshumayelo yasensimini.