Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

AMAGUGU ASEZWINI LIKANKULUNKULU | MARKU 9-10

Umbono Oqinisa Ukholo

Umbono Oqinisa Ukholo

9:1-7

Ungayicabanga indlela uJesu ayezizwa ngayo lapho ezwa uYise wasezulwini ethi uyamamukela phakathi nombono wokuguqulwa kwesimo sakhe. Akungabazeki ukuthi lokhu kwamqinisa uJesu njengoba ayesazobhekana novivinyo. Lo mbono waluqinisa kakhulu nokholo lukaPetru, uJakobe noJohane. Wabaqinisekisa ukuthi ngempela uJesu wayenguye uMesiya, futhi babenza kahle ngokumlalela. Eminyakeni engaba ngu-32 kamuva, uPetru wayesakukhumbula lokho akubona nendlela okwamenza waqiniseka ngayo ‘ngezwi lesiprofetho.’—2Pet 1:16-19.

Nakuba singawubonanga lo mbono omangalisayo, siyakubona ukugcwaliseka kwawo. UJesu ubusa njengeNkosi enamandla. Maduze, ‘uzophelelisa ukunqoba kwakhe,’ evula indlela yezwe elisha lokulunga.—IsAm 6:2.

Ukholo lwakho luqiniswe kanjani ngokubona iziprofetho zeBhayibheli zigcwaliseka?