Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

UKUPHILA NJENGAMAKRISTU

Yibani Nothando Emndenini

Yibani Nothando Emndenini

Uthando lugcina umndeni unobunye. Uma umndeni ungenalo uthando, kungaba nzima ukuba ube nobunye futhi ubambisane. Abayeni, amakhosikazi nabazali bangaba kanjani nothando emndenini?

Umyeni onothando uyocabangela izidingo zomkakhe, imibono yakhe nendlela azizwa ngayo. (Efe 5:28, 29) Uzosiza umndeni wakhe uthole izinto ozidingayo nezinto ezizowenza bulondoloze ubuhlobo bawo noNkulunkulu, njengokuba nokuKhulekela Komkhaya njalo kusihlwa. (1Ti 5:8) Inkosikazi enothando iyozithoba kumyeni wayo futhi ‘imhloniphe ngokujulile.’ (Efe 5:22, 33; 1Pe 3:1-6) Bobabili abashadile kumelwe bazimisele ukuxolelana ngenhliziyo emhlophe. (Efe 4:32) Abazali abanothando bayayikhathalela ingane ngayinye, bayifundise ukuthanda uJehova. (Dut 6:6, 7; Efe 6:4) Yiziphi izinkinga izingane zabo ezibhekana nazo esikoleni? Zenza njani lapho ontanga befuna ukuzenzisa izinto ezimbi? Uma umndeni uthandana, bonke emndenini bayozizwa bevikelekile.

BUKELANI IVIDIYO ETHI BONISA UTHANDO OLUNGAPHELI EMNDENINI WAKHO BESE NIPHENDULA LE MIBUZO ELANDELAYO:

  • Yini umyeni onothando ayenzayo ukuze ondle futhi athande umkakhe?

  • Inkosikazi enothando imhlonipha kanjani ngokujulile umyeni wayo?

  • Abazali abanothando baligxilisa kanjani iZwi likaNkulunkulu ezinganeni zabo?