Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

UKUPHILA NJENGAMAKRISTU

Nquma Ngokuhlakanipha Endabeni Yotshwala

Nquma Ngokuhlakanipha Endabeni Yotshwala

Wonke amaKristu kudingeka azithibe uma kuziwa ekuphuzeni utshwala. (IzA 23:20, 29-35; 1Ko 6:9, 10) Uma umKristu ekhetha ukuphuza, kufanele alinganisele. Akufanele angabe esakwazi ukuphila ngaphandle kotshwala futhi kufanele agweme ukukhubekisa abanye. (1Ko 10:23, 24; 1Ti 5:23) Akufanele siphoqelele abanye, ikakhulu abasebasha, ukuba baphuze utshwala.

BUKELANI IVIDIYO ETHI CABANGA NGEMIPHUMELA YOKUPHUZA ESENGXENYENI ETHI UKUFUNDA NGEMIDWEBO BESE NIPHENDULA LE MIBUZO ELANDELAYO:

  • Kungani wonke amaKristu kumelwe ayihloniphe imithetho ephathelene nokuphuza utshwala?—Rom 13:1-4

  • Kungani kungafanele sivume ukuphoqelelwa abanye ukuba siphuze?—Rom 6:16

  • Singazigwema kanjani izinkinga ezihambisana nokuphuza utshwala?