Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

YIBA UMSHUMAYELI NOMFUNDISI ONGCONO ENSIMINI | YIJABULELE NAKAKHULU INKONZO YAKHO

Fundisa Ngentshiseko

Fundisa Ngentshiseko

Intshiseko iyathelelana. Ingenza abasilale balalelisise. Ibonisa nokuthi siyawuthanda umyalezo wethu. Kungakhathaliseki ukuthi singabaluphi uhlanga noma sinobuntu obunjani, singafunda ukuba nentshiseko. (Rom 12:11) Kanjani?

Okokuqala, cabanga ngokuthi ubaluleke kangakanani umyalezo ozowusho. Siphathiswe umsebenzi ‘wokumemezela izindaba ezinhle zezinto ezinhle!’ (Rom 10:15) Okwesibili, cabanga ngomphumela omuhle izindaba ezinhle ezingaba nawo kokhuluma nabo. Kubalulekile ukuba bakuzwe lokho ofuna ukubatshela kona. (Rom 10:13, 14) Okokugcina, khuluma ngentshiseko, unyakazise umzimba ngendlela engokwemvelo nobuso bakho bubonise ukuqiniseka.

BUKELANI IVIDIYO ETHI THOLA INJABULO YOKWENZA ABAFUNDI—THUTHUKISA AMAKHONO AKHO—FUNDISA NGENTSHISEKO BESE NIPHENDULA LE MIBUZO ELANDELAYO:

  • Yini eyanciphisa intshiseko kaNonto yokutadisha iBhayibheli noMbali?

  • Yini eyasiza uNonto waphinde waba nentshiseko?

  • Intshiseko iyathelelana

    Kungani kumelwe sigxile kokuhle kulabo esikhuluma nabo?

  • Intshiseko yethu ingase ibe namuphi umphumela kulabo esitadisha nabo iBhayibheli nakwabanye?