Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

YIBA UMSHUMAYELI NOMFUNDISI ONGCONO ENSIMINI | YIJABULELE NAKAKHULU INKONZO YAKHO

Sebenzisa Imifanekiso Ukuze Ucacise Amaphuzu Ayinhloko

Sebenzisa Imifanekiso Ukuze Ucacise Amaphuzu Ayinhloko

Lapho sibuyela kwesixoxe nabo noma lapho sifunda nabantu iBhayibheli kudingeka sibasize baqonde amaphuzu ayinhloko. Lapho senza imifanekiso ngala maphuzu singathinta izinhliziyo futhi sibasize bakwazi ukukukhumbula kalula esibafundisa khona.

Njengoba ulungiselela ukuphindela koxoxe naye noma ofunda naye iBhayibheli, khetha amaphuzu abalulekile ozokwenza imifanekiso ngawo, hhayi imininingwane emincane. Yibe usukhetha umfanekiso olula osuselwa ezintweni ezisetshenziswa abantu njalo. (Mat 5:14-16; Mar 2:21; Luka 14:7-11) Qiniseka ukuthi uyacabanga ngesizinda somuntu okulalele nangezinto avame ukuzenza. (Luka 5:2-11; Joh 4:7-15) Lapho umbona ejabula ngenxa yokuthi uyaliqonda iphuzu elithile nawe uyojabula.

BUKELANI IVIDIYO ETHI THOLA INJABULO YOKWENZA ABAFUNDI—THUTHUKISA AMAKHONO AKHO—SEBENZISA IMIFANEKISO UKUZE UCACISE AMAPHUZU AYINHLOKO BESE NIPHENDULA IMIBUZO ELANDELAYO:

  • Kungani abafundi bengase badinge usizo ukuze baqonde amavesi eBhayibheli?

  • UNonto wenze muphi umfanekiso ukuze aveze iqiniso elitholakala kumaRoma 5:12?

  • Imifanekiso emihle ifinyelela inhliziyo

    Imifanekiso eyenziwe kahle ingaba namuphi umphumela ezilalelini zethu?

  • Enkonzweni kungani kufanele sisebenzise amavidiyo namanye amathuluzi okufundisa alungiselelwe inhlangano kaJehova?