Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

UKUPHILA NJENGAMAKRISTU

Isiyalo Siyindlela UJehova Abonisa Ngayo Ukuthi Uyasithanda

Isiyalo Siyindlela UJehova Abonisa Ngayo Ukuthi Uyasithanda

Isiyalo sihlobene nokuqondisa nokufundisa, kodwa siphinde sisho ukukhuza nokujezisa. UJehova uyasiyala ukuze simkhonze ngendlela ayamukelayo. (Rom 12:1; Heb 12:10, 11) Ngezinye izikhathi isiyalo singase sibe buhlungu, kodwa senza umuntu abe olungile futhi athole izibusiso. (IzA 10:7) Yini okumelwe bayikhumbule labo abayalayo nabayalwayo?

Abayalayo. Abadala, abazali nabanye bazama ngempela ukuyala abanye ngomusa nangothando, ngendlela uJehova enza ngayo. (Jer 46:28) Ngisho nalapho kunesidingo sesiyalo esinzima, kufanele sihambisane nalokho umuntu akwenzile futhi sisekelwe othandweni.—Thi 1:13.

Oyalwayo. Noma isiphi isiyalo esisitholayo, kumelwe singasenqabi kodwa sizame ukusisebenzisa ngokushesha. (IzA 3:11, 12) Njengoba singabantu abanesono, sonke siyasidinga isiyalo kungakhathaliseki ukuthi siza ngayiphi indlela. Singase siyalwe yilokho esikufunda eBhayibhelini noma yilokho esikuzwa emihlanganweni yebandla. Noma ngezinye izikhathi abanye kungase kudingeke bayalwe ikomiti yokwahlulela. Ukulalela isiyalo kugcina kuholele ekuphileni.—IzA 10:17.

BUKELANI IVIDIYO ETHI “UJEHOVA UYAMYALA LOWO AMTHANDAYO” BESE NIPHENDULA LE MIBUZO ELANDELAYO:

  • Kwakunjani ukuphila kukaCanon ekuqaleni futhi kwashintsha kanjani?

  • UJehova wamyala kanjani ngendlela enothando?

  • Funda ukukuthanda ukuyalwa uJehova

    Yiziphi izifundo esingazifunda kulokhu abhekana nakho?