Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

UKUPHILA NJENGAMAKRISTU

Hlala Uzilungiselele Phakathi Nalesi Sikhathi Sokugcina ‘Sezinsuku Zokugcina’

Hlala Uzilungiselele Phakathi Nalesi Sikhathi Sokugcina ‘Sezinsuku Zokugcina’

Manje njengoba sikhuthazelela isikhathi sokugcina ‘sezinsuku zokugcina,’ silindele ukuba izimo zishube nakakhulu. (2Thim 3:1; iphuzu lokucwaninga elithi “imihelo yokucindezeleka” elikuMathewu 24:8, kuyi-nwtsty-E) Lapho kuba nenhlekelele ngokuvamile abantu BakaJehova bathola isiqondiso esifika ngesikhathi futhi esibasindisayo. Ukusinda kwethu ngaleso sikhathi kuyoncika endleleni esizilungiselela ngayo manje, ngokuqinisa ubuhlobo bethu noJehova nokulungiselela izinto esizozidinga uma kuvela inhlekelele.—Luka 16:10.

  • Qinisa ubuhlobo bakho noNkulunkulu: Hlela kahle isimiso sakho. Funda ezinye izindlela zokwenza inkonzo. Ungethuki lapho uzithola uhlukanisiwe nabantu ohlanganyela nabo. (Isaya 30:15) Awuhlukanisiwe neze noJehova noJesu.—od 176 ¶15-17

  • Qoqa izinto ozozidinga: Ngaphezu kokuba nesikhwama sezimo eziphuthumayo, umndeni ngamunye kufanele ube nezinto zokuzisekela ozibekele eceleni kungaba ukudla, amanzi, imithi nokunye okufana nakho okungase kudingeke lapho kufanele nikhosele endaweni ethile isikhathi esijana.—IzA 22:3; g17.5 4, 6

BUKELANI IVIDIYO ETHI INGABE UKULUNGELE UKUBHEKANA NENHLEKELELE YEMVELO? BESE NIPHENDULA LE MIBUZO ELANDELAYO:

  • Singabuqinisa kanjani ubuhlobo bethu noNkulunkulu ukuze silungele izinhlekelele?

  • Kungani kufanele . . .

    • sihlale sixhumana nabadala?

    • silungise isikhwama sezimo eziphuthumayo?

    • sihlole uhlobo lwezinhlekelele ezingahle zigadle nokuthi yini ongayenza esimweni ngasinye?

  • Iziphi izindlela ezintathu esingasiza ngazo abanye uma bebhekene nenhlekelele?

ZIBUZE, ‘Yiziphi izifundo engingazifunda kubhubhane lwe-COVID-19 mayelana nokuzilungiselela?’