AMAGUGU ASEZWINI LIKANKULUNKULU
Ungazivumeli Izifiso Ezingafanele Zikulawule
UDavide wavumela isifiso esingafanele ukuba sikhule enhliziyweni yakhe (2Sa 11:2-4; w21.06 17 ¶10)
UDavide wasebenzisa kabi igunya lakhe ukuze afihle isono sakhe (2Sa 11:5, 14, 15; w19.09 17 ¶15)
UDavide wabhekana nemiphumela ebuhlungu ngenxa yesono sakhe (2Sa 12:9-12; w18.06 17-18 ¶7)
Ukuze sigweme ukubuka noma ukucabanga ngezinto ezingafanele, kudingeka sizithibe. (Gal 5:16, 22, 23) UJehova angasisiza ukuba singavumeli izifiso ezingafanele zakhele ezinhliziyweni zethu.
ZIBUZE, ‘Kukuziphi izimo lapho kudingeka ngilawule imicabango yami kakhudlwana?’