Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

UKUPHILA NJENGAMAKRISTU

Sebenzisa Incwadi Ethi Phila Kuze Kube Phakade! Ukuze Wakhe Ukholo KuJehova NakuJesu

Sebenzisa Incwadi Ethi Phila Kuze Kube Phakade! Ukuze Wakhe Ukholo KuJehova NakuJesu

Abafundelwa iBhayibheli kufanele bakhe ukholo oluqinile ukuze bajabulise uNkulunkulu. (Heb 11:6) Singazifinyelela izinhliziyo zabo ngokusebenzisa incwadi ethi Phila Kuze Kube Phakade! Le ncwadi yokutadisha inemibhalo eyinhloko, ichaza izinto ngokucacile, inemibuzo eyenza ucabange, amavidiyo akhuthazayo nezithombe ezinhle. Sakha ngezinto ezingashi lapho sisiza umuntu abe nezimfanelo zobuKristu futhi abe nobuhlobo obuhle noNkulunkulu.​—1Ko 3:12-15.

Abanye abantu bakuthola kunzima ukucabanga ukuthi bangaba abangane bakaNkulunkulu, abangamboni. Ngakho kudingeka sibasize bamazi kahle uJehova futhi bamethembe.

BUKELANI IVIDIYO ETHI YAKHA UKHOLO KUJEHOVA, USEBENZISA INCWADI ETHI “PHILA KUZE KUBE PHAKADE!” BESE NIPHENDULA LE MIBUZO ELANDELAYO:

  • Sazi kanjani ukuthi udade wayesilungiselele kahle isifundo?

  • Wayisebenzisa kanjani imibuzo eseceleni ayikhethe kahle ukuze asize umfundi ukuba asho akucabangayo nendlela azizwa ngayo ngo-Isaya 41:10, 13?

  • Ividiyo namavesi eBhayibheli kwamthinta kanjani umfundi?

Abantu abaningi abasiqondi isihlengo noma abasibheki njengesipho abasiphiwe uNkulunkulu. (Gal 2:20) Ngenxa yalokho kufanele sibasize bakhe ukholo emhlatshelweni wesihlengo sikaJesu.

BUKELANI IVIDIYO ETHI YAKHA UKHOLO KUJESU, USEBENZISA INCWADI ETHI “PHILA KUZE KUBE PHAKADE!” BESE NIPHENDULA LE MIBUZO ELANDELAYO:

  • Sazi kanjani ukuthi umzalwane wayesilungiselele kahle isifundo?

  • Uyisebenzise kanjani ingxenye ethi “Hlola Okwengeziwe” ukuze asize umfundi?

  • Kungani kubalulekile ukuthandazela umfundi?