UKUPHILA NJENGAMAKRISTU
“Uthando . . . Aluzikhukhumezi”
Uthando lusisiza sibonise ukuthobeka. (1Ko 13:4) Lapho sibathanda abafowethu asiziboni singcono kunabo. (Flp 2:3, 4) Sibheka okuhle kwabanye futhi sisebenzisa amakhono ethu ukuze sibasize. Lapho silubonisa kakhulu uthando olunjalo, uJehova angasisebenzisa nakakhulu ekwenzeni intando yakhe.
BUKELANI IVIDIYO ETHI KHUMBULA UKUTHI UTHANDO LUZIPHATHA KANJANI—ALUZIKHUKHUMEZI, BESE NIPHENDULA LE MIBUZO ELANDELAYO:
-
Yiziphi izipho u-Absalomu ayenazo?
-
Wazisebenzisa kabi ngayiphi indlela izipho zakhe?
-
Singakugwema kanjani ukuzikhukhumeza?—Gal 5:26