Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

UKUPHILA NJENGAMAKRISTU

Khuluma Ngezinto Ezenzeka Manje Enkonzweni Yakho

Khuluma Ngezinto Ezenzeka Manje Enkonzweni Yakho

UJesu wasebenzisa izenzakalo ezazenzeka ngaleso sikhathi ukuze afundise. (Luk 13:1-5) Nawe ungasebenzisa okwenzeka manje ukuze wenze abantu balalele umyalezo woMbuso. Ngemva kokukhuluma ngezindleko eziphezulu zokuphila, izinhlekelele zemvelo, iziyaluyalu zomphakathi, izidakamizwa noma okufana nalokho, buza umbuzo owenza umuntu acabange. Ungase ubuze: “Ucabanga ukuthi kuyoke kuphele uku . . . ?” noma “Ucabanga ukuthi siyini isixazululo sa . . . ?” Yibe usumbonisa ivesi leBhayibheli elihambisana nalokho okhuluma ngakho. Uma umuntu elalela, mbonise ividiyo noma incwadi eseBhokisini Lamathuluzi Okufundisa. Njengoba silwela ukufinyelela izinhliziyo zabantu ensimini yethu, kwangathi ‘singenza zonke izinto ngenxa yezindaba ezinhle.’​—1Ko 9:22, 23.

Yiziphi izinto ongakhuluma ngazo ezingenza abantu balalele ensimini yakho?