Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

UKUPHILA NJENGAMAKRISTU

“Uthando . . . Alujabuli Ngokungalungi”

“Uthando . . . Alujabuli Ngokungalungi”

AmaKristu eqiniso alwela ukuqondiswa uthando kukho konke akwenzayo. Uthando “alujabuli ngokungalungi.” (1Ko 13:4, 6) Ngakho, siyazigwema ezokuzijabulisa eziphakamisa ukuziphatha kabi ngokocansi nobudlova. Asijabuli lapho abanye bevelelwa izinto ezimbi, ngisho nalabo abake basizwisa ubuhlungu.​—IzA 17:5.

BUKELANI IVIDIYO ETHI KHUMBULA UKUTHI UTHANDO LUZIPHATHA KANJANI​—ALUJABULI NGOKUNGALUNGI BESE NIPHENDULA LE MIBUZO ELANDELAYO:

  • UDavide wazizwa kanjani lapho ethola ukuthi uSawule noJonathani bafile?

  • Yayithini ingoma yokulila uDavide ayibhalela uSawule noJonathani?

  • Kungani uDavide engazange ajabule ngokufa kukaSawule?