Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

UKUPHILA NJENGAMAKRISTU

“Uthando . . . Luthemba Zonke Izinto”

“Uthando . . . Luthemba Zonke Izinto”

Ngenxa yokuthi sinothando olungenabo ubugovu, sibafisela okuhle abafowethu. (1Ko 13:4, 7) Ngokwesibonelo, uma umzalwane enza isono futhi athole iseluleko, siba nethemba lokuthi uzolamukela usizo. Siyababekezelela labo abanokholo olungaqinile futhi sizame ukubasiza. (Rom 15:1) Uma othile eshiya ibandla asiliphonsi ithawula sithi ngeke esabuya.​—Luk 15:17, 18.

BUKELANI IVIDIYO ETHI KHUMBULA UKUTHI UTHANDO LUZIPHATHA KANJANI​—LUTHEMBA ZONKE IZINTO BESE NIPHENDULA LE MIBUZO ELANDELAYO:

  • U-Abhineri washintsha kanjani?

  • UDavide noJowabe benzenjani ngesicelo sika-Abhineri?

  • Kungani kufanele sibethembe abafowethu?