Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

UKUPHILA NJENGAMAKRISTU

Ukulungele Yini Ukubhekana Neziyaluyalu Zomphakathi?

Ukulungele Yini Ukubhekana Neziyaluyalu Zomphakathi?

Njengoba lesi simiso sisondela ekupheleni, silindele ukwanda kweziyaluyalu zomphakathi, ubuphekula kanye nezimpi. (IsA 6:4) Yini esingayenza ukuze silungele izinkinga zesikhathi esizayo?

  • Qinisa ubuhlobo bakho noNkulunkulu: Thola izimiso nezindaba eziseBhayibhelini ezingakwenza uthembele nakakhulu kuJehova nasenhlanganweni yakhe nezizokusiza ungathathi hlangothi. (IzA 12:5; jr 125-126 ¶23-24) Lesi isikhathi sokwakha ubungane obuqinile nabasebandleni.​—1Pe 4:7, 8

  • Qoqa izinto ozozidinga: Hlela ukuthi uzocasha kuphi okwesikhashana ubeke nezinto ezimbalwa ozozidinga. Hlela ukuthi uzobaleka kanjani. Phinde uhlole izinto ezisesikhwameni sakho sezimo eziphuthumayo, ufake nezinto zokuzivikela nemali. Yazi ukuthi ungaxhumana kanjani nabadala uqiniseke ngokuthi nabo bazokwazi ukuxhumana nawe.​—Isay 32:2; g17.5 3-7

Phakathi nesiyaluyalu, namathela esimisweni sakho sezinto ezingokomoya. (Flp 1:10) Kugweme ukwehla wenyuka ngaphandle kwalapho ubaleka. (Mat 10:16) Yabelana nabanye ukudla nezinye izinto.​—Rom 12:13.

BUKELANI IVIDIYO ETHI INGABE UKULUNGELE UKUBHEKANA NENHLEKELELE YEMVELO? BESE NIPHENDULA LE MIBUZO ELANDELAYO:

  • UJehova angasisiza kanjani phakathi nesikhathi senhlekelele?

  • Yiziphi izinto esingazenza ukuze silungele inhlekelele?

  • Singabasiza kanjani labo abahlukunyezwe yizinhlekelele?