Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

UKUPHILA NJENGAMAKRISTU

Ingabe Ulisebenzisa Kahle IBhayibheli Elilalelwayo?

Ingabe Ulisebenzisa Kahle IBhayibheli Elilalelwayo?

Liyini iBhayibheli Elilalelwayo? LiyiBhayibheli eliqoshiwe elithi IBhayibheli-ImiBhalo Engcwele. Likhululwa kancane kancane ngezilimi eziningi. Enye yezinto ezikhethekile ngeBhayibheli elilalelwayo ukuthi kusetshenziswa amaphimbo angafani kubalingiswa abaseBhayibhelini. Lapho kufundwa, amagama agcizelelwa kahle, kufakwe nomuzwa ofanele ukuze umyalezo weBhayibheli uzwakale ngendlela enembile.

Bazuza kanjani abanye ngokusebenzisa iBhayibheli elilalelwayo? Abaningi abalilalela njalo leli Bhayibheli bathanda indlela elilenza liphile ngayo iZwi likaNkulunkulu. Bathi lapho bezwa umfundi ohlukile efunda ingxenye yomlingiswa ngamunye oseBhayibhelini, bakubona kangcono ngeso lengqondo lokho okukhulunywa ngakho bese bekuqonda ngokucacile lokho okubhaliwe. (IzA 4:5) Abaningi bathola ukuthi ukulalela leli Bhayibheli kubenza bazole lapho bekhungethwe izinkathazo.—Hu 94:19.

Ukuzwa iZwi likaNkulunkulu lifundwa ngokuzwakalayo kungaba nethonya elinamandla ekuphileni kwethu. (2Kr 34:19-21) Uma iBhayibheli elilalelwayo eliphelele noma ingxenye yalo litholakaka ngolimi oluqondayo, ungakwazi yini ukulilalela njalo lapho utadisha nalapho wenza isifundo somuntu siqu?

BUKELANI IVIDIYO ETHI UKWENZIWA KWEBHAYIBHELI ELILALELWAYO​—ISIQEPHU BESE NIPHENDULA LO MBUZO OLANDELAYO:

Yini ekuhlaba umxhwele ngendlela elenziwa ngayo iBhayibheli elilalelwayo?