Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

UKUPHILA NJENGAMAKRISTU

Kujabulele Ukuqala Izingxoxo

Kujabulele Ukuqala Izingxoxo

Izingxoxo ezingahleliwe zingezinye yezindlela ezijabulisayo neziphumelela kakhulu zokufakaza. Noma kunjalo, kungase kusethuse ukucabanga ngokuqala ingxoxo uma sigxila kakhulu ekutheni sizoyishintsha kanjani iye imBhalweni. Kunokuba ukhathazeke kakhulu ngalokho ozokusho ukuze ushumayele, gxila ekuboniseni umuntu ukuthi uyamkhathalela. (Mat 22:39; Flp 2:4) Uma phakathi nengxoxo kuvela ithuba lokuba ufakaze, kunamathuluzi amaningi angakusiza.

Angakusiza kanjani amathuluzi alandelayo ukuze ufakaze uma kuphakama indaba ethile phakathi nengxoxo?

BUKELANI IVIDIYO ETHI INSIMBI ILOLA ENYE INSIMBI”—UKUQALA IZINGXOXO BESE NIPHENDULA LO MBUZO OLANDELAYO:

Yiziphi izinyathelo ezintathu ezingasisiza sithuthukise amakhono ethu okuxoxa?