Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

UKUPHILA NJENGAMAKRISTU

UJehova “Unguyise Wentandane”

UJehova “Unguyise Wentandane”

Unyaka ngamunye, baningi abasebasha abakhetha ukuba abangane bakaJehova. (Hu 110:3) Ngamunye wenu, uJehova unithanda kakhulu. Uyaziqonda izinselele ezihlukahlukene enibhekana nazo futhi uthembisa ukunisiza ukuze nimkhonze. Uma ukhulele ekhaya elinomzali oyedwa, khumbula ukuthi uJehova uba “nguyise wentandane.” (Hu 68:5) Uma uqeqeshwa uJehova ungaphumelela kungakhathaliseki ukuthi sinjani isimo obhekene naso ekhaya.​—1Pe 5:10.

BUKELA IVIDIYO ETHI ABALWELI BOKHOLO ABAPHUMELELAYO—LABO ABAKHULISWA ABAZALI ABANGABODWA BESE UPHENDULA LE MIBUZO ELANDELAYO:

  • Yini oyifunda esibonelweni sikaTammy, sikaCharles nesikaJimmy?

  • IHubo 27:10 libaqinisekisa ngani labo abakhuliswe abazali abangabodwa?