Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

UKUPHILA NJENGAMAKRISTU

Ukulungele Yini Ukuwa Kwezomnotho?

Ukulungele Yini Ukuwa Kwezomnotho?

Akusimangazi ukubona izenzakalo zezwe zibangela ukuntengantenga kwesimo sezomnotho emhlabeni wonke. Kungani? Yingoba siphila ekupheleni kwezinsuku zokugcina futhi iBhayibheli liyasixwayisa ukuthi singathembeli “engcebweni engaqinisekile.” (1Ti 6:17; 2Ti 3:1) Isibonelo seNkosi uJehoshafati sisifundisani ngendlela yokulungela ukuwa kwezomnotho?

Lapho uJehoshafati esongelwa izizwe eziyizitha, wathembela kuJehova. (2Kr 20:9-12) Wathatha nezinyathelo ezifanele zokulungiselela isizwe impi ngokuvikela amadolobha nokubeka amabutho amasosha. (2Kr 17:1, 2, 12, 13) Nathi siyobe senza kahle uma sithembela kuJehova njengoJehoshafati nokuthatha izinyathelo ezingasisiza ukuze sibhekane nezimo ezinzima.

BUKELANI IVIDIYO ETHI INGABE UKULUNGELE UKUBHEKANA NENHLEKELELE YEMVELO? BESE NIPHENDULA LE MIBUZO ELANDELAYO:

  • Yini umuntu ngamunye angayenza ukuze alungele inhlekelele?

  • Singakulungela kanjani ukusiza abanye?