Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

AMAGUGU ASEZWINI LIKANKULUNKULU | ISAMBULO 1-3

“Ngiyazazi Izenzo Zakho”

“Ngiyazazi Izenzo Zakho”

1:20; 2:1, 2

  • “Izinkanyezi eziyisikhombisa”: Abadala abagcotshiwe kuhlanganise nabo bonke abanye abadala

  • “Esandleni [sikaJesu] sokunene”: UJesu unegunya namandla ngokuphelele phezu kwezinkanyezi futhi ziqondiswa nguye. Uma kunothile endikimbeni yabadala okudingeka elulekwe, uJesu uzoqikelela ukuthi uyameluleka ngesikhathi sakhe nangendlela yakhe

  • ‘Izinti zezibani eziyisikhombisa zegolide’: Amabandla obuKristu. Njengoba nje izinti zezibani zazikhanyisa etabernakele, namabandla obuKristu anikeza ukukhanya kweqiniso elivela kuNkulunkulu. (Math 5:14) UJesu ‘uhamba phakathi’ kwezinti zezibani ngomqondo wokuthi wengamela izinto ezenziwa kuwo wonke amabandla