Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

UKUPHILA NJENGAMAKRISTU

UJehova Uyakwazi Esikudingayo

UJehova Uyakwazi Esikudingayo

Inceku ethembekile neqondayo isinika ukudla “ngesikhathi esifanele,” okubonisa ukuthi uJehova, oqondisa le nceku, uyakwazi esikudingayo ukuze sibe nobuhlobo obuhle naye. (Math 24:45) Imihlangano yethu yesifunda neyaphakathi nesonto ingobunye ubufakazi balokho.

BUKELA IVIDIYO ETHI UMBIKO WEKOMITI YOKUFUNDISA KA-2017, BESE UPHENDULA LE MIBUZO ELANDELAYO:

  • Ubani okufanele abongwe ngemihlangano yesifunda esiba nayo efika ngesikhathi futhi kungani?

  • Uqala nini umsebenzi wokulungiselela umhlangano?

  • Zikhethwa kanjani izihloko zomhlangano?

  • Yini eyenziwayo ukuze kulungiselelwe imihlangano yesifunda?

  • Indlela yokutadisha yaseGileyadi ifakwe kanjani emihlanganweni yaphakathi nesonto?

  • Iminyango ehlukahlukene isebenza kanjani ndawonye ukuze ilungiselele incwajana yomhlangano waphakathi nesonto?

Uzizwa kanjani ngalokho uJehova asilungiselela kona ukuze siqine okholweni?