Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

UKUPHILA NJENGAMAKRISTU

UJehova Uthanda Umuphi Onamileyo

UJehova Uthanda Umuphi Onamileyo

Kweyesi-2 Korinte 9:7, siyayalwa: “Yilowo nalowo makenze njengoba nje enqumile enhliziyweni yakhe, kungabi ngokudabuka noma ngaphansi kokucindezelwa, ngoba uNkulunkulu uthanda umuphi onamileyo.” Namuhla sinezindlela ezilula zokunikela nge-inthanethi ukuze sisekele umsebenzi woFakazi BakaJehova endaweni esihlala kuyo nasemhlabeni wonke.

BUKELA IVIDIYO ETHI INDLELA YOKUNIKELA USEBENZISA IMISHINI YEZOBUCHWEPHESHE, BESE UPHENDULA LE MIBUZO ELANDELAYO:

  • Singangena kanjani lapho singathola khona imininingwane yezindlela esinganikela ngazo ezweni lakithi?

  • Abanye bazuze kanjani ngokunikela besebenzisa imishini yezobuchwepheshe?

  • Yiziphi ezinye zezindlela esingazisebenzisa ukuze sinikele?

  • Yini esingayenza uma singayiqondi indlela yokusebenzisa lezi zindlela ezintsha zokunikela ngemishini yezobuchwepheshe?