Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

UKUPHILA NJENGAMAKRISTU

Gwema Ukuthonywa Yizwe Lapho Ulungiselela Umshado

Gwema Ukuthonywa Yizwe Lapho Ulungiselela Umshado

AmaKristu athembisene alungiselela umshado kudingeka enze izinqumo eziningi. Angase abone sengathi kufanele enze imishado ebizayo evame ukwenziwa emphakathini. Abangane nomndeni abangahlose bubi bangase baveze imibono yabo ngezinto okufanele zibe khona emshadweni. Yiziphi izimiso zeBhayibheli ezingasiza abathembisene bahlele lolu suku lwabo olukhethekile ngendlela ezokwenza basale benonembeza ohlanzekile futhi bengazisoli ngalutho?

BUKA IVIDIYO ETHI IMISHADO EDUMISA UJEHOVA, BESE UPHENDULA LE MIBUZO ELANDELAYO:

  • Izimiso zeBhayibheli ezilandelayo zimsize kanjani uThemba noNomusa?

  • Kungani laba abathembisene kufanele bakhethe umKristu ovuthiwe ukuba abe “umqondisi wedili”?—Joh 2:9, 10.

  • Yiziphi izizathu ezenza uThemba noNomusa bakhetha ukwenza ngendlela abenza ngayo emshadweni wabo?

  • Ubani onomthwalo wokwenza izinqumo ngokuphathelene nomshado kanye nedili lomshado?—w06 10/15 25 ¶10.