Nikeza UJehova Okuhle Kakhulu
Akekho umuntu kwa-Israyeli owayeswele kangangokuba angakwazi ukwenza ukuthula noJehova. Ngisho nama-Israyeli ayedla imbuya ngothi ayekwazi ukunikeza uJehova umnikelo owamukelekayo, uma nje kwakuwokuhle ayenakho. Ayenganikela ngofulawa, kodwa uJehova wayelindele ukuba anikele ‘ngocolekileyo’ owawusetshenziswa uma kunezicukuthwane. (Gen 18:6) Namuhla, uJehova wamukela ‘umhlatshelo wethu wokudumisa’ omuhle kakhulu, ngisho noma izimo zethu zenza ukuba sinikele okuncane kakhulu.—Heb 13:15.
Lokhu kungakukhuthaza kanjani uma ungasakwazi ukwenza lokhu obukwazi ukukwenza esikhathini esidlule, ngenxa yokuwohloka kwempilo noma ukuphelelwa amandla?