Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

AMAGUGU ASEZWINI LIKANKULUNKULU | LEVITIKUSI 8-9

Ubufakazi Besibusiso SikaJehova

Ubufakazi Besibusiso SikaJehova

8:6-9, 12; 9:1-5, 23, 24

UJehova wabangela ukuba kuvele umlilo ushise umnikelo wokuqala owawenziwa abapristi ababesanda kubekwa benzalo ka-Aroni. Lokhu kwakubonisa ukuthi uJehova uyalamukela futhi uyalisekela leli lungiselelo. Ngokwenza kanjalo, uJehova wayekhuthaza ama-Israyeli ayebukele ukuba abusekele ngokuphelele ubupristi benzalo ka-Aroni. Namuhla uJehova usebenzisa uJesu Kristu okhazinyulisiwe ukuba abe uMpristi Ophakeme omkhulu kunabo bonke. (Heb 9:11, 12) Ngo-1919, uJesu wabeka iqembu elincane lamadoda agcotshiwe ukuba libe “inceku ethembekileyo neqondayo.” (Math 24:45) Yibuphi ubufakazi obubonisa ukuthi uJehova uyayamukela futhi uyayisekela ayibusise le nceku ethembekile neqondayo?

  • Naphezu koshushiso olungapheli, inceku ethembekile iye yasilungiselela esikudingayo ukuze sigcine ukholo lwethu luqinile

  • Izindaba ezinhle zishunyayelwa “emhlabeni wonke owakhiwe” njengoba nje kwakuprofethiwe.—Math 24:14

Singayisekela kanjani ngokuphelele inceku ethembekile neqondayo?