Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

UKUPHILA NJENGAMAKRISTU

Ukuthuthukisa Amakhono Ethu Enkonzweni​—Ukushumayela Ngocingo

Ukuthuthukisa Amakhono Ethu Enkonzweni​—Ukushumayela Ngocingo

OKWENZA KUBALULEKE: Ukushumayela ngocingo kuyindlela ebalulekile “yokunikeza ubufakazi obuphelele ngezindaba ezinhle.” (IzE 20:24) * Kusenza sikwazi ukushumayeza othile lapho singakwazi ukumvakashela.

INDLELA YOKUKWENZA:

  • Lungiselela. Khetha indaba efanelekayo. Yibe usuzenzela uhlaka lwalokho ofisa ukukusho. Ungalungiselela nomyalezo omfushane ochaza injongo yakho yokushaya ucingo uma kwenzeka kufanele ushiye umyalezo. Kuyasiza ukuhlala etafuleni ubeke nohlaka lwakho kanye nezinye izinto ozozidinga njengomshini wezobuchwepheshe, ovulwe i-JW Library® noma i-jw.org®

  • Khululeka. Khuluma ngendlela engokwemvelo. Momotheka unyakazise umzimba kube sengathi uyakubona lo muntu okhuluma naye. Gwema ukuthula isikhathi esijana ngokungadingekile. Kuyasiza ukusebenza nabanye. Uma umninikhaya ebuza umbuzo, wuphinde ukuze osebenza naye ezokusiza uthole impendulo

  • Yisho enizoxoxa ngakho ngesikhathi esizayo. Uma umninikhaya ezwakala ethanda ukulalela, ungamshiyela umbuzo enizoxoxa ngawo ngesikhathi esizayo. Ungase ucele ukumhambisela okuthile okufundwayo noma umthumele kona ngomshini wezobuchwepheshe. Noma ungacela ukumthumelela enye yamavidiyo ethu noma izihloko ezithile ngomshini wezobuchwepheshe. Lapho kufaneleka, mtshele nangokuthile okukuwebusayithi yethu.

^ par. 3 Uma ukushumayela ngocingo kuvumelekile endaweni yangakini, kufanele kuhambisane nemithetho ekhona evikela imininingwane yabantu.